Universele Verklaring van de Rechten van de Mens
Universele verklaring van de rechten van de mens Umbhalo Ogcwele Wogunyazo Lwamalungelo Oluntu Jikelele |
![]() Alle mensen worden vrij en gelijk in waardigheid en rechten geboren. Zij zijn begiftigd met verstand en geweten, en behoren zich jegens elkander in een geest van broederschap te gedragen. |
![]() Bonke abantu bazalwa bekhululekile belingana ngesithunzi nangamalungelo. Bahlanganiswe wumcabango nangunembeza futhi kufanele baphathane ngomoya wobunye. |
|
![]() Wonke umuntu kumele awathole wonke lamalungelo nenkululeko ebhalwe kuloluGunyazo, ngale kokwehlukaniswa, ngokobuhlanga, ngokwebala, ngokobulili, ngokolimi, ngokwenkolo, ezombangazwe noma umbono, ubuzwe noma imvelaphi, umhlaba, ukuzalwa noma isiphi-ke nje esinye isimo. Ngaphezu kwaloko, akukho kuhlukaniswa okuyokwenziwa ngenxa yezombangazwe, isimo sokwenganyelwa kwezwe noma imingcele yezwe umuntu ahlala kulo, noma ngabe uzimelegeqe, ubanjelwe, ozibuse noma uphansi kolawulo olunqunyelwe. |
|
![]() Wonke umuntu unelungelo lempilo, lenkululeko nelokuphepha. |
|
![]() Akekho oyoba isigqila noma agqilazwe, ukuhweba ngezigqila kuyovinjwa ngezindlela zonke. |
|
![]() Akekho oyohlukunyezwa noma aphathwe ngobulwane ajeziswe ngokwehliswa isithunzi. |
© 2023 Harmen Schoonekamp | Neem contact op | Talennet | sitemap.